LLM Mbatha - [Zulu, ingoma] Kuyoze kube nini...

LLM Mbatha - [Zulu, ingoma] Kuyoze kube nini...

Kuyoze kube nini unginethisa ngezi mvula br Uyoze ubone nini ukuthi ngi ya ku thanda br Kudala ngibambe ubala olungenawo um’bala br Unyaka neshumi lezinyanga ngikhulumisana nawe br Kanti eyetshe yini eyakho inhliziyo br Vula bo ngingene, lalela ngiya khuluma: br Ngisho nezinyoni kazisayihayi ingoma yothando br Ngoba zizwelana nosizi lwenhliziyo yami br Pho wena wehlulwa yini ukuqondisisa br Ngibabonile bephuma bengena br Ngababona besina bededelana br Amasoka akho br Kodwa angeke bakuthande ngalendlela mina br Engikuthanda ngayo br Thatha nasi isandla sami sihambe sibaleke sindize br Okwezi nyoni silishiye phansi elamagade ahlabayo br Siye kwelamaphupho afezekayo, br kwelothingo-lwenkosazana kanye nelanga eliphumayo.


User: PoemHunter.com

Views: 6

Uploaded: 2014-11-07

Duration: 01:12