LLM Mbatha - [Zulu, inkondlo] Incwadi yothando II

LLM Mbatha - [Zulu, inkondlo] Incwadi yothando II

Olwami uthando olwamahhala br Lukhululekile, luyakukhulula br Ukuthi ube yikho lokho br Ofisa ukuba yikho br Noma kune nxenye yami br Engathanda ukuthi ikugige br Ikugigele esihlakaleni sesandla sami br Ibuye ikwemboze br Ngezintende zezandla zami br Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu br Beqophelo eliphezulu br Ukuze ngiku vikele br Ngibambelele kuwe br Ungalahleki nangengozi br Ungalahleki nangenhloso br br Ngingakugiga nje kuphela br Ngokuthi br Ngikugigele ekhanda lami br Ngemicabango yokucabanga ngawe br Ngenhliziyo ngikwemboze br Ngemizwa yoku langazelela br Kodwa ngikukhulule br Ukuthi ukhululeke br Ukungephula inhliziyo br Ngabe luyini kanti uthando br Uma lungeyona inkululeko br Yefu lincibilika br Liphenduka ubala olubuhlazana br br Lapho ngithi ngiyakuthanda br Nawe uthi uyangithanda br Yilowo kuphela umculo br Olangazelelwa izindlebe zami br Ngiyakuthanda br Ngikukhumbule br Ngiyakwesabela br Ngikukhalele br Ngoba akukho okumele br Kwenzeke br Ukuhlukumeza wena br Angikaze kule mpilo br Ngesabele enye impilo br Ukulahlekelwa yiyo br br Noma br Sengibabonile impela br Baze babaningana br Ikakhukazi emaphusheni br Abakudala nabakusha br Akekho onjengawe br Uma kungukuthi br Mhlawumbe ngalanga limbe br Ngenxa yezimanga namanga br Lendlu isayo bhidlika br Ngiyo kwazi enhliziyweni yami br Ukuthi ngenze okusemandleni br Kodwa uthando, br uthando selukwenzile konkebr br LLM Mbathabr br


User: PoemHunter.com

Views: 8

Uploaded: 2014-11-07

Duration: 02:27